INKANTOLO ICHITHE UMNDENI NGOWAYENGU MENGAMELI EZAMBIA


Uhluleke wancama umndeni walowo owayenguMengameli eZambia, uEdgar Lungu ukuthi angcatshelwe kuleli (Ningizimu Afrika).

Umndeni bewunesifiso sokuthi uLunga angcatshelwe eNingizimu Afrika njengoba ebengabhekani nohulumeni ophethe ezweni laseZambia.

Ube sewufaka isicelo enkantolo. Ngebhadi isicelo sawo sichithiwe iNkantolo eNkulu, ePitoli nakulapho besilalelwe khon amajaji. UJaji Ledwaba uthe uLungu ubenguMengameli eZambia, abantu bakhona bemthanda futhi, kuzomele angcatshelwe ekhaya, uhulumeni wakuleliya lizwe.

ULungu sekunesikhathi adlula emhlabeni kodwa ubesesemakhazeni akhona kuleli, kusazanywa ukuxazulula indaba yokuthi kumele afihlwe kuphi. Ubelashelwa kuleli kwezinye zezibhedlela, uze washonela khona kuleli.

UJaji Aubrey Ledwaba unxuse izwe laseZambia ukuthi lizolanda umzimba kaLungu njengoba esezofihlwa uyena uhulumeni.