INJABULO KUHLONISHWA I-DURBAN CITY FC NGOKUNQOBA I-NEDBANK CUP


Lindokuhle Ngcobo 

INJABULO kuhlonishwa iDurban City FC ngedili eLangeni Hotel, eThekwini izolo. Leli qembu lihlonishwa uhulumeni waKwaZulu-Natal (KZN) oholwa uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli obehambisana noNgqongqoshe wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko eKZN uMnuz Mntomuhle Khawula.

Lokhu kulandela ukuthi iCity inqobe iNedbank Cup ngokwehlula iTS Galaxy ngo 2-1 kowamanqamu obubanjelwe ePeter Mokaba Stadium, kule nyanga. I-City iqophe umlando inqoba okokuqala lesi sicoco. Iqede(Durban City FC) isomiso sezindebe seminyaka engu 17 emaqenjini aseKZN adlala kwiBetway Premiership.

Ekhuluma kulo mcimbi uNtuli uncome iqembu ngokubuyisa isithunzi saseKZN.

"Kuyintokozo enkulu ukubona iDurban City FC yenza umlando. Niliphakamisile ifulegi lesifundazwe, futhi le mpi yenu ikhombisa ukuthi ikhono likhona lapha ekhaya," kusho uNtuli.

Eqhuba ubongele uSihlalo weqembu uMnuz Farook Kadodia, abaqeqeshi abaholwa uPitso Dladla nabadlali ngokuzikhandla kwabo. Ethi bazakhele igama elingasoze lalibaleka emladweni webhola laseNingizimu Afrika.