INJABULO KUFIKA IKHAMBI LOKUVIKELA INGCULAZA KULELI
INJABULO kufika imithamo engu 37 920 womjovo(PreP) omusha wokuvikela ingculaza. Lo mjovo uthathwa kabili ngonyaka, okusho ukuthi uvikela igciwane izinyanga ezingu 6 ngomjovo owodwa.
UNksz Thabile Mwandla oyiClinical Technologist nongusosayensi ekukhiqizweni kwamakhambi, ungomunye wochwepheshe ababambe iqhaza ngesikhathi kuvivinywa leli khambi(PreP).
UMwandla uthi ujabule ngokufika kwalo mjovo ngemuva kokuthi iNingizimu Afrika ilinde isikhathi eside. Uthi basebenza kanzima eminyakeni emithathu edlule behlola leli khambi.
"Sihambele izindawo ezingu 25, imitholampilo, izibhedlela nazikhungo. Izivivinyo zenziwe eNingizimu Afrika nase-Uganda. Abantu abesihambele kakhulu abaphakathi kweminyaka engu 18 kuya kwengu 25 ubudala, emva kweminyaka emithathu sibe nempumelelo enkulu ngemuva kokuba kwenziwe izivivinyo eziningi futhi sadlula ezivumelanweni eziningi ezivela ezikhungweni zamazwe ngamazwe ezilawula ezempilo," kubeka uMwandla.
Eqhuba uthi isifiso sakhe ukuthi bonke abantu bathole umthamo womjovo mahhala, ikakhulukazi abantu abasha abasezikoleni nasezikhungweni zemfundo ephakeme.