INHLAMBULUKO EBUKHOSINI BUKAZULU
Intatheli yeNews Avenue
KULINDELEKE ukuthi iNdlunkulu kaZulu ibenomcimbi wenhlambuluko kusasa mhlaka 21 August.
Lokhu kumenyezelwe uMntwana uThulani Zulu onguMkhulumeli weSilo neNdlunkulu.
Esitatimendeni uMntwana uThulani uveze ukuthi ezinyangeni ezedlule kube nesimo esingesihle ngaphakathi esiGodlweni kwaKhangelamankengane. Lesi simo saholela ekutheni kube nokushintshana ngamazwi angemahle, lapho khona iSilo uMisuzulu kaZwelithini saba namagama angemahle ayebhekiswe kuMnuz Moses Tembe oganwe uMntwana uNtandoyesizwe Zulu-Tembe oyizinyane lesiSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
"Emumva kokuhlala kweNdlunkulu ilungisa lolu daba izigaba ngezigaba. INdlunkulu isifinyelele ekutheni ngoLwesine mhlaka 21 kuNcwaba 2025 ngesikhathi sika-11h00 kudlulwe esigabeni senhlambuluko ukuze kuvalwe leli khasi elingabanga lihle eNdlunkulu nasesizweni. Amakhanda ezindlu, abaNtwana baseNdlunkulu neNdlunkulu iyamenywa ukuba ibe ingxenye yalo mhlangano," kubeka uMntwana uThulani.