INGXOXO ETHINTA I-MENTAL HEALTH EBHEKE KUMACIKO
LINDOKUHLE NGCOBO
Inhlangano i-Durban and Coastal Mental Health (DCMH) ihlela indumezulu yomcimbi omayelana nokuxoxisana ngezinto ezithinta ukusebenza komqondo. Kulomcinbi kumenywa kakhulu Amaciko, okuhlanganisa abaculi, abathwebuli, nababhali, ukuzodingida udaba lweMental Health.
Abahleli balomcimbi okubalwa kubona iDCMH, Vuma FM, Ccifsa neKumisa bazimidele ngokuthola isixazululo kulenkinga yeMental Health.
Lo mcimbi kulindeleke ukuthi ubengoLwesine, 30 July 2026, ngehora lesi 09:00 ekuseni, emahhovisini e-Durban and Coastal Mental Health, 3 Hatton Avenue, Sherwood, eThekwini.
OweDCMH uNks Pinky Mhlongo utshele iNews Avenue ukuthi inhloso yalo mcimbi ukulekelela amaciko anengvindezi ngenxa yomsebenzi wawo. "Amaciko abuye abe nenkinga ngisho yokujoyina omasingcwabisane, nama Medical Aid nokudalwa izinto eziningi. Kokunye kuba nayindlela aholelwa ngayo nokugcina kuphazamisa ukusebenza komqondo,"kuchaza uMaMhlongo.
"Umsebenzi wethu njengeCoastal Mental Health, ukwenza isiqiniseko sokuthi imiphakathi yonke ngokwehlukahlukana kwayo iminqondo yayo ihlale isesimeni esihle. Ingakho kulo nyaka sithe asigxile endimeni yobuciko ngoba siyabona kuningi okwenzakala khona, okubathintayo emqondweni bengazi kodwa, ekugcineni sibona ukuthi bayashayeka. Bashawa izinto ezenzeka endimeni nasempilweni yabo yangasese," kusho uMhlongo.