INGONYAMA IFUNA KUKHISHWE UNATAL
INGONYAMA yesizwe samaZulu iSilo uMisuzulu kaZwelithi, sithi kumele kususwe igama elithi 'Natal' egameni lesifundazwe iKwaZulu-Natal.
INgonyama isho lokhu, ngesikhathi yethula inkulumo namuhla eMkhosini waseSandlwana, eNquthu.
"Akekho umuntu ozothinta leli lizwe, kuKwaZulu lapha. Sisemkhankasweni wokuthi sisuse lo 'Natal' ngoba uthanda ukusidalela inkinga. Kuvele kuthiwa KwaZulu. Lo 'Natal' angiwazi ukuthi ungowani. Yiwo lona(Natal) Zulu omnyama ozosidalela utalatiya. KuKwaZulu njengegama lami, ngizomisa uZulu mina, angizile ukuzomisa uNatal, " kubeka iSilo uMisuzulu.
Eqhuba uBayede mayelana nodaba lwabokufika kuleli, uthi ayikho impi ezophakwa. Wathi akekho umuntu ongenalo ikubo, abantu abakuleli ngokungekho emthethweni bazotshelwa ngomlomo ukuthi babuyele emazweni abo.
Lo Mkhosi ubuhlelwe iNdlunkulu kaZulu ngobambisana noMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal eholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula.
Kulo nyaka bekuhlangana iminyaka engu 147, amabutho eSilo uCetshwayo kaMpande anqoba amaNgisi empini yaseSandlwane ngomhlaka 22 January 1879.