INGEBHE NGOBUGEBENGU OBENZEKA EZIKHUNGWENI ZEZEMPILO




LINDOKUHLE NGCOBO

IYAKHATHAZA eyokuhlaselwa kwabasebenzi neziguli ezikhungweni zezeMpilo KwaZulu-Natal(KZN). Lokhu kuhlale obala ngesikhathi i-Aids Healthcare Foundation (AHF) South Africa yethula ngokusemthethweni ikomidi elizoba izwi lomphakathi kwezempilo, elibizwa ngeCommunity  Power Voices(CPV) ngoLwesihlanu eWestville, eThekwini. 

Okwamanje leli komidi lizosebenzisana nomphakathi oseningizimu yeTheku okubalwa indawo yaseMlaza, ehamba phambili ngobugebengu obenzeka emtholampilo.

Echaza kabanzi ngeCPV uMnuz Sibusiso Mngadi onguMxhumanisi ka-AHF uthi umsebenzi weCPV, oholwa uSihlalo uNksz Lindiwe Nzuza, ukwenza isiqiniseko sokuthi ezempilo zibekwa phambili emphakathini. Wathi kuyakhathaza ubugebengu obenzeka emphakathini, ebalisa ngokuthi kuphazamisa ukusebenza kwemitholampilo.

"Kusemqoka ukuthi kukhulunywe ngokubaluleka kwezempilo, ukuthi uma uyokwenza ubugebengu emtholampilo ibuphi ububi okwenzakalayo emphakathini. Abasebenzi bayabaleka ngoba abafuni ukusebenza emtholampilo enobugebengu, abanye abantu bagcine sebesaba ukuya emtholampilo. Uma abantu besaba ukuya emtholampilo, kusho ukuthi abadla imishanguzo yeTB/HIV, bazogcina senengasayidli kahle. Uma bengasayidli kahle ukubhebhetheka kweTB/HIV kuyanda ngoba abantu abasayithatha imishanguzo yabo," echaza. 

"Ubugebengu bunomthelela omubi, abantu okumele balande imishanguzo kashukela uthole ukuthi abasayilandi, okumele balande imishanguzo yeBP uthole ukuthi abasayilandi, kwenzakalani lapho, baningi abantu abazogula emakhaya. Ngaleyo ndlela ezempilo zibalulekile ukuthi yonke into ihambe kahle," kubeka uMngadi.