INGEBHE KUHLASELA ISIFO SAMATELE KWAZULU-NATAL


 Lindokuhle Ngcobo 

KUNXUSWA abafuyi ukuthi bayeke ukuthutha imfuyo ngenxa yesifo sematele, esihaqe kakhulu izinkomo. Lesi sexwayiso sikhishwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli ehambisana noNgqongqoshe woMnyango wezeLimo nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya eKZN uNkk Thembeni KaMadlopha Mthethwa, namuhla esithangamini sabezindaba eThekwini.

Kuvela ukuthi lesi sifo sesibheduke kuzo zonke iziFunda zaseKZN, lokhu kubeka engcupheni izinkomo zaseKZN ezingaphezulu kuka 2 million. 

Ekhuluma uNtuli udalule ukuthi lesi sifo sesikhahlameze isimo somnotho wesifundazwe.

"Isimo KwaZulu-Natal akufuneki sithathwe njengesimo esenzeka kwezinye izifundazwe. Lana KwaZulu-Natal umonakalo okhona mkhulu kakhulu. Balimele kakhulu abantu abanemfuyo ezindaweni lapho befuye khona,"

"Siyafuna kube khona indlela yokubuka ukuthi senza njani. Siyagcizelela kubantu bakithi, ukuthi lolu daba lokususwa kwemfuyo isuka kwenye indawo ,iya kwenye indawo, sicela ukuthi bame, size sifike kubona nomgomo. Siwulindele umgomo, ingakapheli inyanga(February)," kuchaza uNtuli.