INDUMEZULU YOMDLALO OKHULUMA NGAMABUTHO AKWAZULU
LINDOKUHLE NGCOBO
Kulindeleke ukuba kuvulwe isahluko esisha emlandweni wezemidlalo yeshashalazi, njengoba i-RYT Culture ngokubambisana nePlayhouse Company, bethula umdlalo omusha sha obizwa nge-Amabutho Akwazulu: The Musical.
Leli qophelo elisha emlandweni lizokwethulwa ngokusemthethweni okokuqala ngqa emhlabeni jikelele kusukela mhlaka 16 kuya ku-18 October 2026, ngehora lesi-19h00 ebusuku. Lolu hlelo oluyingqayizivele kuvela ukuthi yiwona mdlalo wokuqala weshashalazi womculo ozobe uzinikele ngokuphelele ekugubheni umculo negalelo lamasiko Amabutho Akwazulu. Lo mdlalo ubhalwe futhi waqondiswa ngongoti bezobuciko uBongani Vilakazi ngokubambisana noMhlonishwa Dlamini. Ekhuluma ne-News Avenue, uVilakazi utshele intatheli ukuthi lo mdlalo uyisithelo sothando nomsebenzi onzima wokubuyisa isithunzi nokugubha amagugu esizwe.
"Umculo namasiko Amabutho Akwazulu awagcini nje ngokuba yisici somlando wethu kodwa awumphefumulo walokho esiyikho namuhla. Siwuyise kwi-Playhouse Company ukukhombisa umhlaba wonke amandla, ubuhle, kanye nezingoma eziyingqayizivele ezizoshiya wonke umuntu ebambe ongezansi. Amabutho AkwaZulu athole nesimemo esivela eFrance, okukhombisa ukuthi izindaba zethu zendawo zinesisindo esizofinyelela nasezinkundleni zomhlaba." kusho uVilakazi.
Amathikithi alo mdlalo aseqalile ukudayisa ngemali engu-R150 kwi-Webtickets. Abathandi bezobuciko namasiko bakhuthazwa ukuba basheshe bawathenga zisuka amathikithi ngaphambi kokuba aphele.