INDLUNKULU ICHITHA EYOKUDUNGUZELA KWESILO
INdlunkulu kaZulu ichitha imibiko mayelana nesimo sempilo yeSilo uMisuzulu kaZwelithini, okusabalele ukuthi sisesibhedlela egumbini labagula kakhulu.
UMntwana uThulani Zulu okhulumela iSilo neNdlunkulu kaZulu uthi uBayede uphilile futhi uyaqhubeka nemisebebenzi yakhe yokuhola isizwe ngokuzinikela.
"Ngiphoxekile kakhulu ngokubona izindaba ezingamanga ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana, zithi iSilo siphuthunyiswe esibhedlela egumbuni labagula kakhulu (ICU). Siphika amaphimbo amabili ukuthi lokho akulona iqiniso. INgonyama ibivakashele udokotela wayo njengomkhuba ovamile," kusho uMntwana Thulani.
UMntwana unxusa izakhamuzi nabasebenzisi bezinkundla zokuxhumana ukuba baqaphele ukusabalalisa imibiko engasekelwe ngobuqiniso. Uthi lokho kubhekwa njengesenzo sokungabambisani okwenza isizwe sethuke ngaphandle kwesidingo.