INDLULAMITHI ISAMILE EKUGUDLUZENI UNATAL


INGONYAMA yamaZulu iSilo uMisuzulu kaZwelithini siphinde sakhuthaza ukuthi kuqanjwe kabusha isifundazwe iKwaZulu-Natal,  sibizwe ngeKingdom of KwaZulu.

UBayede ubekhuluma namuhla emcimbini wokuvula ngokusemthethweni iSishayamthetho waKwaZulu-Natal(KZN) eWoodburn Stadium, eMgungundlovu. Lesi siphakamiso iSilo siqale ukusiveza eMkhosini waseSandlwana ngomhlaka 22 January 2026.

Sikhuluma iSilo sithi kwakungafanela ukuthi uVasco Da Gama wase Portugal afake igama elithi Natal,  egameni lesifundazwe iKwaZulu.

"Wathi(uDa Gama) uzitholele indawo yakhe. Ungazitholala kanjani into oyifice ivele ikhona," kubeka uBayede.

INgonyama iphinde yahlonipha umama wayo, Indlovukazi uMaNtfombi Dlamini Zulu, ngezimfundiso zakhe(Indlovukazi MaNtfombi).