INDIDA OWAYEYISOKA EBULALA UNINA WENGANE NOMFOWABO EZIBULALA NAYE


Kufe abantu abangu 3 abadutshulwe eProtea Glen, eSoweto izolo ebusuku.

 Ngesikhathi elandisa isiteshi sethelevishini, umngani womunye obulewe uthe, bekuhlangene umndeni kushiswa inyama ngoba, umngani wakhe ethokozela usuku lokuzalwa.

"Inkinga iqale ngesikhathi kufika ubaba wengane oyiphoyisa, edubula umngani wami anengane naye, wadubula nomfowabo, wabe esezidubula naye. Bonke bafele endaweni yesigameko," kuchaza umngani.

Imbangela yalesi sehlakalo esishiye amalungu omndeni nomakhelwane bemangele asikakokwaziwa kanti amaphoyisa asaphenya.