INDIDA KOBAMBE NJENGO NGQONGQOSHE ETHI UNGUNGQONGQOSHE


SIZO BLOSE 

Ungqongqoshe wamaPhoyisa omusha, uSolwazi Firoz Cachalia udide abantu abaningi ngesikhathi eshaya phansi ngonyawo ethi, yena unguNgqongqoshe hhayi iphini likaNgqongqoshe.

Ukusho lokhu ekhuluma nabezindaba. Uthe ngokuqonda kwakhe inkulumo kaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, yayithi unguNgqongqoshe hhayi iphini.

Enkulumeni ayibhekisa esizweni, uRamaphosa wathi uzonika uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu ikhefu eliphuthumayo. Abe esebeka uSolwazi Cachalia njengozobamba.

Inkulumo kaNgqongqoshe izwakale senhathi iyaphikisana nokushiwo uMengameli.