IMVULA ENAMANDLA ISHIYE KUKHALWA KWAZULU-NATAL


Lindokuhle Ngcobo 

ISIMO sezulu esingesihle sidale umonakalo kwalimala abantu abathathu eMzimkhulu. Lokhu kuduma kwezulu okuhambisana nomoya onamandla kucekele phansi izakhiwo phansi kwesiFunda iHarry Gwala naseMgungundlovu ngempelasonto.

Kuvela ukuthi ingaphezulu kwengu 11 imizi elimele eMzimkhulu. Kwathi eMpendle kuphazamiseke izimpilo zabantu abangu 20, okubalwa kubo izingane ezingu 18, kwacekeleka phansi imizi engaphezulu kwengu 7.