IMOROCCO IHLELA UKUMANGALELA ISENEGAL


Lindokuhle Ngcobo 

INHLANGANO eyangemele ibhola eMorocco, iRoyal Moroccan Football Federation(RMFF) isiveze ukuthi izofakela iSenegal icala lokuphuma enkundleni umdlalo ungakapheli, kwiCAF neFIFA .

I-News Avenue ibikile ngalesi sigameko esenzeke emdlalweni wamanqamu we-AFCON izolo enkundleni iPrince Moulay Abdellah Stadium, eRabat. Lapho abadlali beSenegal beyalelwe umqeqeshi wabo uPape Thiaw ukuba badube umdlalo, ngemuva kokuthi iMorocco ithole iphenathi ngomzuzu wokugcina.

Ngokusho kwesitatimendi esikhishwe iRMFF, ithi lesi sigameko sibenomphumela omubi, saphazamisa abadlali. Sekuwumlando ukuthi unozinti weSenegal u-Édouard Mendy ubambe iphenathi kaBrahim Diaz wama Atlas Lion. 

IThe Lions of Teranga inqobe ngegoli likaPape Gueye alishaye ngesikhathi esengeziwe. ISenegal iye kulo mdlalo ikhala ngokungaphathwa kahle ngaphambi komdlalo, kusukela ifika eRabat.