IMKP ITHELE ISIBHAXU EMANDENI OKHETHWENI LOKUCHIBIYELA


IMKP iphinde yagadla futhi ezimbangini zayo. Leli qembu likaMnuz Jacob Zuma lithele ngesibhaxu i-ANC kanjalo neNkatha, okhethweni lokuchiboyela obelubanjelwe eMandeni.

Leli qembu selibonge kakhulu kubantu ngokulivotela nokubeka ithemba labo kulona. 

Kwenzeka konke lokhu nje namhlanje eSishayamthetho iMKP isiphakamise ukungabethembi ubuholi bukaNdunankulu uThami Ntuli nokuyinto ezodingidwa namhlanje, kuphinde kuvotwe. IMKP beyiphakamise ukuthi ivoti libe yimfihlo.