IMKP ILUYISA ENKANTOLO OLWE VOTE OF NO CONFIDENCE
IMKP ithi ayililahlile ithemba ngesiphakamiso sayo sokungabethembi ubuholi baThami Ntuli, onguNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal.
Lokhu kulandela ukuthi ngoLwesibili ehlanganile amaqembu ameleleke eSishayamthetho kodwa kwaba nezinxushunxushu, uSomlomo uNontombeko Boyce wagcina ememezele ukuthi izinhlangano ezingaphansi kweGovernment of Provincial Unity izona eziphumelelile ngamavoti angu-40 kwangu 39.
IMKP ena-37 wezihlalo, ehambisana ne-EFF enezihlalo ezimbili ithi, lolu daba lwevoti eyimfihlo izoluyisa enkantolo manje ukuphoqa uSomlomo.
UMagasela Mzobe oyinhloko ehhovisi likaMengameli waleli qembu uJacob Zuma uthe, kuyingozi ukuvota ngokukhululekile ngoba bona bathole ukwesatshiswa futhi bananobufakazi emafonini abo, bathi yingakho bephakamisa ivoti eliyimfihlo.
Uthe bazophinde basenze lesi siphakamiso ekuqaleni konyaka ozayo.