IMIGWAQO EMIKHULU IZOVALWA NGENXA YE-COMRADES MARATHON


 LINDOKUHLE NGCOBO 

Abashayeli bayaxwayiswa ngokuthi kuzovalwa imigwaqo emikhulu eminingi eThekwini naseMgungundlovu ngeSonto, mhlaka-14 June 2026, ngenxa yomjaho we-99th Comrades Marathon "Up Run".

Lo mjaho ongamakhilomitha angu-85.77 uzoqala eDurban City Hall, Dr Pixley KaSeme Street, uphelele eHollywoodbets Scottsville Racecourse, eMgungundlovu.

UMkhandlu waseThekwini umemezele ukuthi le migwaqo elandelayo izovalwa:
• Dr Pixley KaSeme Street
• Joseph Nduli Road
• N3 West Off-Ramp eya eKing Cetshwayo Highway, ngokuhamba nge-45th Cutting kuya eM13 naseCowies Hill
• Josiah Gumede Road, ePinetown
• M13 edlula eKloof, eGillitts nase-Old Main Road eHillcrest
• R103 eya eCato Ridge ngeDoonrug Road

U-N3 phakathi kweTheku neMgungundlovu izovalwa ngokuphelele cishe amahora angu-21. Abashayeli abaya eGauteng bayalulekwa ukuthi basebenzise u-N2 noma-N1 njengenye indlela.

Ama-rolling closure azoqala phakathi kwamabili ngoMgqibelo ebusuku, ngoJune 13. Imigwaqo izovulwa kabusha ngokulandelana uma umgijimi wokugcina esedlulile endaweni ngayinye nabasebenzi bokuhlanza sebeqedile.

Kulindeleke abagijimi abangu-21,600 nababukeli abangaphezulu kuka-65,000 kulo mcimbi. UMkhandlu unxuse izakhamuzi, amabhizinisi nababukeli ukuthi bahlele kusenesikhathi basebenzise eminye imigwaqo nokupaka.