IMEYA YETHEKU IKHALA NGAMABHILIDI ANGANAKIWE


SIYANDA isibalo samabhilidi okuhlalwa kuwo ngokungekho emthethweni enkabeni yedolobha, iTheku. Lokhu  kuvezwe uMeya kaMasipala weTheku uKhansela Cyril Xaba namuhla esithangamini sabezindaba eCity Hall, eThekwini. 

Ekhuluma uXaba uthe uMasipala uzoqala izinhlelo zokubuyisa amabhilidi anganakiwe abanikazi bawo, nalawo asezandleni ezingafanele.

"Izinhlelo zokubuyisa amabhilidi sizozenza namaphoyisa, uMnyango wokuHlaliswa kwabantu noMnyango wezaseKhaya. Sizobe sibheka ukusetshenziswa kwebhilidi,  kanjalo nesibalo sabantu abahlala khona," kuchaza uXaba. 

Eqhuba uMeya ubalise ngokuthi, abantu abahlala kumabhilidi ngokungafanele, basebenzisa ugesi namanzi kaMasipala ngokungekho emthethweni.