IMEYA ITHI KUBANTU BOKUFIKA ABANGU 300 UYEDWA OTHOLAKALE ENGENAYO
IMeya yeTheku seyinxuse umphakathi weTheku namaphethelo ukuthi uvumele abokufika babuyele ezindaweni zabo zala eThekwini.
UCyril Xaba ukhulume kanje esemahhovisi oMnyango wezaseKhaya.
Lana bekuhlolwa abokufika abakade beseDiakonia, bebaleke ezindaweni zabo ngoba besabela impilo yabo.
IMeya ithe kubantu bokufika ababahlolile bathole ukuthi kwabangu 300, uyedwa kuphela abathole ukuthi ukuleli ngokungekho emthethweni. "Lowo ngikhuluma nani nje useboshiwe. Okunye iningi lalabantu lisuku eBurundi, DRC naseMalawi, " kubeka uXaba egcizelela ekutheni, abavunyelwe bahlale eMzansi ngoba amaphepha abo aqondile.
Njengoba iMarch and March ilokhu iqhubekile nemibhikisho yayo, abokufika sebezizwa bengaphephile. Kube yilesi sizathu esenza baya emaphoyiseni bathi bazolala khona. Amaphoyisa abaxoshile bagcina bebalekela eDiakonia nokuyilapho abalale khona ubusuku obubili.
Imeya ithe kunalabo asebethe,yize benazo izimvume zokuba kuleli kodwa sebefuna ukubuyela emakhaya. "Njengamanje siyaxhumana namanxusa abo akuleli, i-Ethopia esisanenkinga yayo," kuphetha iMeya uXaba.