IMELIKA INGASE ISHAYE UNGQIMPHOTHO NGOKUZA KWI G20


Imibiko yakamuva iveza ukuthi iMelika ingase ishaye ungqimphotho, nayo ibe ingxenye yeG20 esingathwa elakuleli kulempelasontp.

Kuzokhumbuleka ukuthi umengameli waseMelika uDonald Trump ubeshaya phansi ngonyawo, ethi abalubhadi kule G20 ngoba isingathwa iNingizimu Afrika abayisola ngokuthi ibulala abalimi abamhlophe, nokuyinto eseyichazwe kakhulu ukuthi ayikho.