IMELIKA IHLANGENE NE ISRAELI SEBEMBULELE UMHOLI WASE IRAN


Sekuye ngawo amagama enkehli. UMengameli waseMelika uDonald Trump ubeke washo ukuthi uzoqeda nge-Iran.

Namhlanje sivuka ngezindaba zokuthi akasekho emhlabeni umholi wase Iran, u-Ayatollah Ali Khamenei (86). Lokhu kwenzeke ekuseni ngoMgqibelo esehhovisi lakhe eTehran okuyinhlokodolobha yase Iran.. 

Akushonanga kuphela uKhamenei kodwa kufe nengane yakhe nomkhwenyana wayo.

Kuyaziwa ukuthi empini eqhubekayo eMiddle East, phakathi kwe Israel ne Palestine, i-Iran beyeseka iPalestine.

Njengamanje lelizwe lizokuba ngaphansi kweJaji eselishaye umthetho wokuthi kuzozilwa izinsuku ezingu 40. 

Njengoba kuqale lempi sekubulewe inqwaba yabafundi base Iran. Kanti ne Iran izolo ibhombe iDubai  ngenxa yokuthi kune Military Base yeMelika khona.

I-Iran ithe sisazoshuba kakhulu isimo njengoba sebebulale lo mholi.