IMBONGI IGXEKA UNGIZWE MCHUNU


SIZO BLOSE noLINDOKUHLE NGCOBO 

IMBONGI edumile KwaZulu-Natal(KZN), uSbo De Poet isiphumele obala yagxeka isenzo salowo ozibiza ngoMengameli wamaBhinca uNgizwe Mchunu, ngemuva kokuthi evuke inja ebomvu ezinkundleni zokuxhumana, ethuka abathandana nobulili obufanayo. Ngemuva kokubonakala komshado wezinsizwa ezimbili, ebezishada ngempelasonto. Phakathi kwazo kukhona evunule ngemvunulo yabesilisa bakwaXhosa enye ivunule ngemvunulo yabesilisa bakwaZulu.     

"Wena Somizi Mhlongo asikufuni lana kuleli lizwe, wena nesizwe sakho kumele nithuthe lana asinidingi," kusho uNgizwe ngentukuthelo.   

UNgizwe uphinde washiya angalazi kulaba ebebeshada, ethi bangcolisa usiko lwamaZulu njengoba begqoke imvunulo yesintu, wathi lokhu  kuyihlazo nechilo.  Eqhuba uNgizwe uthe, lokhu sebekubekezelele kakhulu, elandelanisa ngezinhlamba ezingabhaleki.   

UNgizwe uphinde wahlasela ngisho uSweet Guluva owanqoba iBig Brother Mzansi. Wathi bafike bamseka bengamaBhica kodwa usehamba noSomizi.  Uthi uNgizwe abasamqondi uSweet Guluva, ezeseka ngelithi okokuqala uSomizi wayengamfuni uSweet Guluva esasendlini kaBig Brother.

USbo Da Poet naye akachithanga sikhathi naye wangena ezinkundleni zokuxhumana wathi bona bengamaZulu bayahlonipha. Uma kukhona okungabaphethe kahle, izikhalo zabo baziveza ngendlela enesisoka hhayi lokhu okwenziwa uMchunu.
 
 "Asiwona amaBhinca thina kodwa singamaZulu ahloniphayo. Asihambisani nalokhu okushiwo uNgizwe," kusho uSbo Da Poet owaduna ngenkondlo ethi "uMakhwapheni."

 Abamele abathandana nobulili obufanayo sebephumele obala nabo bagxeka inkulumo kaNgizwe. Bathi kuyamangaza ukuthi kusekhona osakhuluna kanjena ngabo kulesi sikhathi samanje.

  Okhulumela abe-Lesbian and Gay Community Health Centre, u-Aluta Humbane uthi bamvulele icala eNkantolo yezokulingana uNgizwe. Baphinde bamubika kwiNkantolo yezamaLungelo abantu (Human Rights Commission) bathi bafuna ukuqeda ngaye(uNgizwe Mchunu).