IKULELI INDEBE YEBHOLA LOMHLABA


Sizwe Blose 

Umengameli Cyril Ramaphosa uthi noma ikanjani indebe yebhola lomhlaba iyabuya la eSouth Afrika.
Ukusho lokho emukela lendebe emahhovisi akhe e-Union Building namhlanje.
 Lendebe ihambela amanye amazwe azobamba iqhaza kulendebe yomhlaba ezobanjelwa e-US, Mexico nase Canada.

URamaphosa bekunguye kuphela obevumeleke ukuthi ayithinte lendebe.

Izothi ukuhlala kancane eNasrec Expo, okuyilapho umphakathi uzokwazi ukuyibona khona.

Kulomcimbi wanamuhla, bekukhona oyiphini lomqeqeshi uHelman Mkhelele, ukaputeni weBafana Bafana, uSphiwe Tshabalala nabanye.