IKHISHWE EMGWAQENI IMOTO YENKAMPANI YONOGADA ENGEKHO ESIMENI
LINDOKUHLE NGCOBO
KUKHISHWE emgwaqeni imoto yenkampani yonogada abazimele eLamontville, eningizimu yeTheku namuhla. Lokhu kwenzeke ngesikhathi amaphoyisa aseThekwini eqhuba umsebenzi wokuhlola ukuthotshelwa kwemithetho yomgwaqo.
Abomthetho bathole ukuthi le moto ayikho esimeni esifanela sokuba semgwaqeni. Ngenxa yalokho imisiwe (imoto) ukuba isebenze kuze kulungiswe amaphutha atholakale kuyo. Kuphinde kuqinisekiswe ukuthi ihambisana ngokugcwele nezidingo zokuphepha emgwaqeni.
Amaphoyisa aseThekwini athi imisebenzi efana nale izoqhubeka njalo.
"Inhloso yethu, ukuqinisekisa ukuthi zonke izimoto ezisebenzisa imigwaqo yomphakathi zilandela imithetho futhi ziphephile kubashayeli, abagibeli nomphakathi wonkana," ngokusho kwesitatimendi samaPhoyisa.