IKHALA NGEMPATHO ISENEGAL EZODLALA OWAMANQAMU NE MORROCO EBUSUKU


  1. Lindokuhle Ngcobo 

I-CAF ichitha izikhalo zenhlangano, iSenegalese Football Federation's(FSF) eyangemele ibhola eSenegal. 

I-FSF ikhala ngokungaphathwa ngendlela efanele ngaphambi komdlalo wamanqamu we-AFCON, nezwe elisingethe lo mqhudelwano iMorocco. Lo mdlalo uzoba namuhla enkundleni iPrince Moulay Abdellah Stadium, eRabat ngehora lesi 21h00 ebusuku. 

  • Ngokusho kwe CAF esitatimendeni, ithi wonke amazwe aphethwe ngokulingana kulo mqhudelwano. 

I-Senegal ikhala ngokugxegiswa kwezokuphepha ngesikhathi ifika abadlali ⁹ eRabat. Ngokwe CAF ezokuphepha bezihlelwe ngokubambisana ne-Local Organising Committee (LOC) kuwona womabili amazwe. 

I-FSF iphinde yakhala ngendawo yokulala, iveza ukuthi ayikho esimeni esifanele. Akugcina lapho iSenegal inqabe ukuzilolonga enkundleni iMohammed Vl Complex. Leli izwe lasentshonalanga ne-Afrika, liphinde lakhala ngokuthi abalandeli balo badayiselwa amathikithi angu-2850 enkundleni enela abantu abangu 70 000.

"I-CAF ingakuqinisekisa ukuthi iSenegal inikwe ithuba lokukhetha indawo yokulala ngaphambi komdlalo wamanqamu. Bacele indawo yokulala esezingeni eliphezulu(Five star), yagunyazwa kwalunga. I-Senegal iveze ukungagculiseki ngendawo yokuzilolonga, sahlela enye inkundla," kubeka iCAF.

I-CAF iphinde yaveza ukuthi ukudayiswa kwamathikithi kulawulwa umthetho ofanayo kuwona womabili amazwe azodlala kowamanqamu. Le nhlangano eyangemele ibhola e-Afrika ifisele iMorocco neSenegal umdlalo omuhle.