IJAJI LIPHUME PHAMBILI KWELOCANSI


Sizwe Blose

Utholwe engenacala uMengameli wamaJaji e-Eastern Cape, uSelby Mbenenge

Kuzokhumbuleka ukuthi uke wasolwa u-Andiswa Mengo owayengu nobhala ehhovisi lakhe ukuthi umyenga ngokocansi. UMbenenge kwavela ukuthi wayethumelela unobhala wakhe izinto ezithinta ucansi. Lokhu kwaze kwaphoqelela ukuthi unobhala ambike.

Kube sekuba nesigcawu esasiholwa uJaji Bernard Goepe kuzanywa ukuthola ubuqiniso kwinkulumo kanobhala, nosekutholakale ukuthi lalingekho iqiniso kwizinsolo zakhe.

Kodwa kukhona lapho okuvelile khona ukuthi ijaji laba nakho ukungaziphathi kahle.