IHLASELA NGOMHOLI WAYO I-ACTION SA
Umholi we-Action SA uzozibambela mathupha kwesobu Meya eGoli. UHerman Mashaba ongumsunguli aphinde abe ngumholi waleli qembu umenyezelwe khona namhlanje emcimbini waleli qembu.
UMashaba uke waba iMeya yakulo mkhandlu wase Goli. Uzakhele udumo ngokufuna kuchithwe abantu abafike kuleli ngokungekho emthethweni.
Ngesikhathi eseyimeya wayengaphansi kweDA, nayo eyagcina imsola ngokusebenzisana ne-EFF.
Uzoncintisana nomphathi wakhe wakudala uNkk Helen Zille, onguSihlalo we-Federal Council kwiDA.