IGAGASI LIBUNGAZE UDJ TIRA NGENGOMA YONYAKA


Kube yinjabulo yodwa iGagasi FM libungaza uDJ Tira okunguyena odle umhlanganiso, njengohlukanise unyaka kwiTop 100 wezingoma lomsakazo oqoke kuzona ezihlabahlosile.

UDJ Tira uqwaqwade emakhanda abanye abaculi ngengoma yakhe ethi Awungazi. UDJ Tira ufike kulomcimbi eselindwe abazali bakhe kanjalo nonkosikazi wakhe uGugu. Kungagcini lapho ngoba bekukhona nomfowabo naye obehamba nonkosiikazi wakhe.

U-Ayanda Melansi ongomunye wezikhulu zeGagasi ubongele uTira, ethi njengomsakazo bayamthanda futhi bafuna ukumnika izimbali zakhe esaphila.

"Ngicela ukubonga kubaphathi beGagasi, ngibonge abezindaba nabalaleli bomsakazo kanjalo nabasakazi ngokuzinikela kwabo," kubonga uMelansi..

U-Alex Mthiyane ongesinye sezikhulu ubongele uTira ngokuba yi-Artist of the Year, wabe esekhumbuza abakhona ukuthi uTira uke waba umsakazi wohlelo olubizwa ngeG Session, kulona iGagasi ehamba noDJ Sox.

Unyaka weGagasi uhlukaniswe uLinda 'Mr Magic' Sibiya obehambisana noSelby 'Selbeyonce ' Mkhize.
Ezibongela uDJ Tira uthe, ucela ukubonga abalaleli bomsakazo kanjalo nomsakazo.
"Ngibonga nokubambisana okube khona kuthina njengabaculi, ngibonge uPC, General Simamane, Campbell Masters noDankie Boy abayingxenye yengoma, Awungazi. Ngibonga abazali nonkosikazi wami kanjalo nomfowethu nonkosikazi wakhe," kubonga uTira.