IFILIMU I-'SHUT UP! MEN ARE TALKING' ISILUNGELE UKWENZA UMLANDO KU-DSTV


LINDOKUHLE NGCOBO 

Ifilimu edumile yaseNingizimu Afrika i-Shut Up! Men Are Talking isizokhombiswa okokuqala ngqa kumabonakude kazwelonke, ku-Movie Room emva kokuthatha izinhliziyo zezigidi zababukeli ku-YouTube. Umlingisi ophambili, uThulani Mtsweni, uveze ukuthi le filimu igxila kakhulu ekuhlukunyezweni kwabesifazane kusetshenziswa igama lamasiko nezinkambiso zomphakathi. Lo mcimbi wokwethulwa ngokusemthethweni kwale filimu wenzeke e-Delos Lounge e-Morningside, eThekwini izolo.

Yize uMtsweni aziwa kakhulu ngamahlaya emidlalweni ehlukene, kule filimu udlala indawo enzima kakhulu ebizwa ngokuthi nguManciza, umele amadoda ahlukumezayo agqugquzela ingcindezi yamasiko abhekana nayo abesifazane.

Indaba ilandela impilo kamfelokazi osemncane (uNontobeko) olwela amalungelo akhe emva kokubekelwa eceleni. Le filimu iqoshwe ngemali yephakethe labayenzile ngaphandle kwabaxhasi abakhulu, kanti ihehe ababukeli abangu-40,000 ngosuku lwayo lokuqala ku-YouTube. Njengamanje ifike kubabukeli abangu-10 million ngenyanga yayo yokuqala nje kuphela. Le filimu ihlanganise izihlabani ezinkulu zakuleli ezaziwa kakhulu emkhakheni wezobuciko, yaphinde yaqondiswa ngu-Chris Q. Radebe. Kulingisa u-Jo-Anne Reyneke, Wiseman Mncube, Mtsweni, uZekhethelo Zondi no-Lungelo Mpangase.

Le filimu izokhonjiswa ku-DStv Channel 113 emsakazweni we-Movie Room (Moved by Movies) ngomhlaka 31 August 2026, ngehora lesi-20:00 ebusuku.