IDURBAN CITY IYAQHUBEKA NOKUTHEZA ABAGAWULE IZEMBE
LINDOKUHLE NGCOBO
IQEMBU elingomakoti beBetway Premiership iDurban City iyaqhubeka nokusayinisa abadlali abasuka kwiCape Town City edliwe izembe.
Namuhla leli qembu laseThekwini limemezele ngokusemthethweni ukuthi selisayinise umdlali waseswini uThabo Nodada(30) noHaashim Domingo(29) ongumdlali waseswini ohlaselayo, bobabili abavela kwiBlue and Gold Army. Laba badlali bathulwe kanye nesitobha uKyle Jurgens(21) osuka kwiStellbosch fc nomgadli uJean Lwamba(25) waseCongo, obengumshayi magoli ovelele eqenjini abedlala kulo, iTafic FC kwiPremier League yaseBotswana.
USihlalo weDurban City uFarook Kadodia uveze ukuthi ugculisekile ngabadlali abasha.
"Sijabule ukwamukela abadlali abane abafike ngesikhathini esibalulekile. Iqophelo labo eliphezulu nesipiliyoni sabo sizosiza njengoba siqala ikhasi elisha," esho.
Lokhu kwenzeka nje ngenyanga edlule eli qembu lisayinise unozinti uDarren Keet naye osuka kwiBlue and Gold army, othulwe nabadlali: uLiam De Kock, Frederik Asare, Trevor Mokwena noBrooklyn Poggenpoel.
I-City iveze ukuthi abadlali abethulwe namuhla bebeyingxenye yeqembu, ngesikhathi lilungiselela ukuqala kwesizini, okubalwa imidlalo yeKZN Premier's Cup nekhempu ebiseGoli. Leli qembu eliholwa umqeqeshi uGavin Hunt lizovula umdlalo weligi neTS Galaxy ngeSonto ngo-3 ntambama eMbombela Stadium, eMpumalanga.