ICONTRALESA AYENEME NGESENZO SEKUMKANE
Usihlalo weContralesa e-Eastern Cape, uMwelo Nonkonyana usesigxeke kakhulu isenzo seKumkane yabaThembu, uKing Buyelekhaya Dalindyebo.
Inkosi uDalindyebo usanda kuba nohambo lokuya kwa Israel, lapho efike wancoma khona leli lizwe elithathwa njengabacindezeli, wathi lenza kahle lazivikela kwiHamas ngokubulala inqwaba yamaPalestine.
Ukwenza lokhu nje izwe laseNingizimu Afrika liyaziwa ngokuhambisana nezwe lasePalestine. INingizimu Afrika seyike yafaka izwe lakwa Israel kwi International Court of Justice ngokucindezela izwe lasePalestine.
UNonkonyana uthe bazozama ukuxoxisana neKumkane njengoba inomlando omuhle wokulwela inkululeko. "Ngisho noyise weKumkane uyaziwa ngokulwela leli lizwe.
Uphinde wakhala ngokushintsha shintsha amaqembu epolitiki kwenkosi, eseyike yaba ilungu le DA yaphinde yaya kwi-EFF kanti yaqala kwi-ANC.
Njengamanje kuthiwa uKumkane uzimisele ngokuhlangana neNkosi yamaZulu, Isilo uMisuzulu kaZwelithini nalowo oke waba umengameli wezwe uJacob Zuma.