ICHUNU ALISADINGEKI KWI MARCH AND MARCH LISOLWA NGENKOHLAKALO
LINDOKUHLE NGCOBO
Inhlangano i-March and March eholwa uNkk Jacinta Ngobese Zuma, inqume ukumisa ukusebenzisana noNgizwe Mchunu. Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe iMarch and March namhlanje, kulandela izinkulumo nezinto ezidinga ukuphenywa.
Inhlangano inqume ukuzihlukanisa noMchunu ukuze ivikele isithunzi sayo, njengoba kuqhubeka uphenyo olumayelana nezigameko nezinkulumo zakhe(uMchunu) zakamuva.
Phambilini iMarch and March noMchunu bebelokhu behola imikhankaso nemashi ehlukene ezweni bekhala ngokwanda kwabokufika abangenazo izincwadi zomthetho eNingizimu Afrika. Nakuba babesebenzisana kakhulu emikhankasweni efana neyaseThekwini naseGoli, ukumiswa kukaMchunu kuveza ukuthi kukhona ukushayisana kwezinqumo nemigomo phakathi kwabaholi bale nhlangano, ikakhulukazi umsunguli wayo uMaNgobese-Zuma.