ICHIEFS ILAHLE AMATHUBA YAGCINA IDLIWA KUMA PENALTY YI ASANTE KOTOKO YASE GHANA


IKaizer Chiefs ilahle amathuba amaningi yagcina ikhale ngaphansi idlala ne-Asante Kotoko yaseGhana eMoses Mabhida Stadium izolo, kowe Toyota Cup.

IChiefs idlale kahle kakhulu, igabe nangaba dlali abasha kodwa yahluleka yancama ukulibeka enethini. 
Kwale ngisho ithola ipenalty, uMiguel uvele washaya insambatheka nje yebhola.

Umdlalo ugcine uphela kungu 0-0. Kuyiwe kuma penalty ngoba bekumele kube khona ewinayo ekugcineni. Kuqale kwathembisa ngesikhathi iChiefs elibeka phakathi, iKotoko ilandela ngemuva, uTshabalala ushaye emnandi ipebalty, ngemuva kwalokho unozinti weKotoko ubelokhu ewavimbe njalo, iChiefs igcine ngokuhlulwa.

Kunomthandi weChiefs ogoduke nemoto yohlobo lweToyota.
Khonamanjalo neBanyana Banyana ihluleke yancama ukuthatha isithathu emdlalweni wayo neGhana kowe Women's Africa Cup eMorocco ngoLwesihlanu. Umdlalo uphele ngo 1-1 kwayiwa kuma penalty, yanqoba iGhana.

ISITHOMBE: DARREN STEWART/GALLO IMAGES