IBAFANA BAFANA IZODLALELA UKUFA NOKUPHILA


LINDOKUHLE NGCOBO 

IBafana Bafana ibhekene nomdlalo wokufa nokuphila eNdebeni Yomhlaba ngemuva kokushaywa yiMexico ngo 2-0 emdlalweni wokuvula.
 Iqembu lesizwe kumele linqobe iCzechia namuhla ngehora lesi-6 ntambama e-Atlanta Stadium ukuze livuselele amathemba okudlulela esigabeni esilandelayo.

Ukwehlulwa yiMexico kubeke ingcindezi enkulu kumqeqeshi weBafana uHugo Broos, ogxekwe kakhulu ngabalandeli nabahlaziyi mayelana necebo alisebenzise. UBroos uthe akakhathazekile ngokugxekwa.

"Sengineminyaka engu-40 ngiqeqesha. Ngiyazi ukuthi ukugxekwa kuyingxenye yomsebenzi. Ngingumuntu ozimela ngezinqumo zami," kusho uBroos.

Umdlalo weQoqo lika-A uzodlalwa e-United States of America. Ukwehluleka ukuthola amaphuzu amathathu namuhla kungasho ukuphela kwephupho leNingizimu Afrika kulo mqhudelwano.