I-SADTU IFUNA UDLONDLOBALE OWOKUQINISA EZOKUPHEPHA EZIKOLENI
LINDOKUHLE NGCOBO
INYUNYANA yothisha iSouth Africa Democratic Teachers' Union (SADTU) ifuna uqhubeke umkhankaso wokuqinisa ezokuphepha ezikoleni. Lokhu kungenxa yokwanda kwezigameko zokuhlaselwa kothisha nodlame phakathi kwabafundi.
INews Avenue ibikile ngalo mkhankaso izolo ngesikhathi amaphoyisa ngokuhlanganyela noMnyango wezoMfundo KwaZulu-Natal(KZN) bevakashele izikole zaseNanda kungamenyezelwe. Nalapho kutholakale insangu nogwayi.
UNobhala weSADTU eKZN, uNksz Nomarashiya Caluza utshele iSABC ukuthi kubalulekile kubafundi nakothisha ikakhulukazi abake babhekane nodlame ukuba bavikelwe. Wathi indawo yesikole engaphephile iphazamisa ukufunda nokufundisa.
"Siyi-SADTU siyawaseka lo mkhankaso, owenziwa amaphoyisa noMnyango wezeMfundo eKZN. Ikakhulukazi uma uzoqhubeka wenziwe kuzo zonke izindawo, ukuze izigebengu nabafundi abenza okungafanele ezikoleni bezohlalela ovalweni," echaza.
Ephetha uthe kumele butshalwe kuzona zonke iziFunda abakwasidlodlo abazogasela ezikoleni kungalindelekile. Wathi lokhu kuzosiza nasekubambeni izikhali nezikadamizwa eziphathwa abafundi ezikoleni.