I-NEW MAN RISING IZOSINGATHA OWOKUFUNDISA ABAFANA NGEMVELAPHI NANGEMPILO



LINDOKUHLE NGCOBO

Inhlangano i-New Man Rising, eholwa nguMnuz Masoja Msiza, izosingatha umcimbi wokufundisa abafana ngemvelaphi, ukuziphatha namakhono okuphila. Umcimbi uzobanjelwa e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini kusasa mhlaka 19 June 2026 ngehora lesi-17h00.

UMsiza uthe inhloso yomcimbi wukugcwalisa isikhala semfundiso yasekhaya, ngenxa yokuthi emakhaya amaningi abekho obaba futhi izingane zikhuliswa ogogo. Lokhu kuholela ekutheni izingane zithole ulwazi olungalungile emgwaqweni, zigcine sezisebenzisa izidakamizwa futhi zenza ubugebengu.

"Indoda ayizalwe kabusha. Kumele siqale nengane esencane simfundise ukuzimela, ukumela izwe, nokuhlonipha abazali nemvelo," kusho uMsiza. Ugcizelele ukuthi nemfundo yezikole kumele ithuthukiswe ukuze ikhiqize izingane ezinamakhono.

Kulo mcimbi kuzophinde kwethulwe ngokusemthethweni iVukuthu Ibutho Lembube - ibutho labafana elibusiswe yiNgonyama uMisuzulu kaZwelithini. Leli butho lizosiza ekuqeqesheni abafana, njengoba uMkhosi woMhlanga uqeqesha amantombazane.

UMsiza unxuse abazali ukuba balethe abafana kulo mcimbi ukuze bathole ukuqeqeshwa kwezemidlalo, ezobuciko kanye namakhono okuphila.