I-MCDONALD'S NOMKHANKASO OMUSHA WE WORLD CUP
I-McDonald's yethule ngokusemthethweni umkhankaso omusha wokugubha iNdebe Yomhlaba ye-FIFA 2026. Ngalo mkhankaso, abalandeli bazothola izinkomishi ezinobuso babadlali abadumile noma imiklomelo ehlukene uma bethenga i-FIFA Meal.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana, selifikile eMexico ukuyomela izwe.
Kunokudla okukhethekile lapho uthola khona inkomishi enesithombe somdlali odumile njengoDavid Beckham noLamine Yamal uma uthenga i-Large Big Mac Meal noma i-10 Piece Chicken McNuggets Meal ngo-R99.90 kuphela.
Ezindaweni eziningi zokusebenza nasezinkundleni zokuxhumana, kunemikhankaso eqhubekayo lapho abantu bakuleli becula iHlabelelo Lesizwe behlangene ukukhombisa ubumbano nokweseka iBafana.
9i