I-DA IKHALA NGEZIGIDI EZISEBENZE KWI WORLD CUP NGEZIMENYWA


IDA ifuna uNgqongqoshe wezeMidlalo, uGayton McKenzie acacise ngoR31 million okuthiwa wasebenza kwi World Cup.

 Kuzokhumbuleka ukuthi kukhona abantu ababethathwe umnyango ukuthi baye kobuka futhi baseke iBafana Bafana njengoba ibengelinye lamazwe ancintisana kulomqhudelwano wendebe yomhlaba.

 IBafana Bafana yaphuma kuma Knockout okusho ukuthi yahlala impela kulomqhudelwano.

Eziphendulela uMcKenzie uthe yena akanankinga ngoba ngokwakhe konke kwahamba kahle.

Uthembise ukuthi uzokhipha ama risidi azobe ecacisa konke ngokusebenza kwemali. Okunye okubalulekile ukuthi iNingizimu Afrika idlale kuwona wonke lamazwe ayesingethe iWorld Cup, okuyi Canada, Mexico neMelika. Lokhu kuchaza ukuthi izimenywa zomnyango zazihambela womathathu lamazwe kuhambisane nokudla nezindawozokulala.