I-ANC NOMBONO OMUSHA NGABOKUFIKA KULELI


Inhlangano ebusayo kuleli i-ANC isiphumele obala ngokuthi abantu bokufika abangenazo izimvume zokuba kuleli kumele nahambe.

Lokhu ikuveze ngemuva kokuhlangana kobuholi bale nhlangano kwisifunda iTheku. 
Umdidiyeli weRegional Task Team esanda kuqokwa uNobhala Jikelele we-ANC, uThanduxolo Sabelo uthe isigungu sabo sivumelene ngokuthi laba abangenazo izimvume zokuba kuleli kuzomele bahambe.

Kuzokhumbuleka ukuthi i-ANC ike yamela kude uma kukhulunywa ngalolu daba, kangangoba namalungu ayo abengazimbandakanyi namaMashi eMarch and March ekuyiyona ephusha umkhankaso wokuthi abokufika abangenayo imvume yokuba kuleli kumele bahambe. 

Ngakolunye uhlangothi abeMarch and March bebebona ukuthi i-ANC iyazihlangula kubona. Kuthe noma uNcaphalala walenhlangano (ANC) ezihlanganisa nabe March and March bamthwalisa kanzima njengoba ayegqoke isikibha senhlangano yakhe.

Njengamanje kubonakala i-RTT yeTheku ikushintsha lokho njengoba seyiphumele obala ukuthi abangenazimvume kumele bahambe.