I-ANC KZN IGUBHE IMINYAKA ENGU 114 NGOKUSIKA IKHEKHE EDURBAN CITY HALL


SIZWE BLOSE 

INHLANGANO yezombusazwe endala kunazo zonke e-Afrika, i-African National Congress(ANC) eKZN, ithathe isinqumo  sokuba  ne-Mini January 8 namuhla eCity Hall, eThekwini. 

I-ANC KZN ikhethe ukubiza lo mcimbi ngegama elithi, Cutting Cake Ceremony.  Ihholo beligcwele phama abalandeli bale nhlangano.

 OwayenguNobhala wesiFunda saseThekwini, manje oseyiDeputy Co ordinator yeRTT, uMusa Nciki  ukhumbuze amalunga e-ANC abehambele lo mcimbi ukuthi abekho emhlanganwenii omkhulu (rally).

"Umhlangano omkhulu uyeza maqabane futhi sizowubambela enkundleni yezemidlalo. Ngiyabona abantu bagcwele ngokweqile lapha," kusho uNciki emamatheka.

UNciki wethule izikhulumi ezahlukene eziveza imlayezo yokusekela i-ANC njengoba igubha iminyaka engu-114 yasungulwa.

U-Edwin Mkhize akazange enanaze. Uthe abantu abasayingeni indaba yezepolitiki. Wathi lokhu kungenxa yezenzo zosopolitiki. Kulindeleke ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa athule inkulumo yosuku kwi Rally ezokuba seNorth West ngoMgqibelo.