I-ANC IZIMISELE NGOKUZEHLISA


Sizwe Blose 

Iyaqhubeka iLegotla ye-ANC, Provincial Task Team ebanjelwe eCoastlands, South Beach, eThekwini namhlanje.

Ethula inkulumo kulo mhlangano uJeff Radebe oyiConvenor ye PTT, uqale ngokukhumbuza amalungu e-ANC ngayo nokuthi yini elindeleke kuwona.

Ube esewanxusa ukuthi angazami ukuzivikela kumalungu omphakathi uma eveza ukungenami kwawo nge-ANC kodwa alalele lokhu akushoyo, abe eseyakwenza.

 Uthe lonyaka unyaka wokhetho lohulumeni basekhaya kuzomele baphume bayokhuluma nabantu baphinde bahambise intuthuko.

Ube esenxusa amalungu ukuthi alwisane nenkohlakalo ngoba iyalilimaza igama lenhlangano. Uthe ngoMarch 21 unxusa ukuthi amalungu alenhlangano ukuthi aphume ngobuningi bawo njengoba kuzokuba neMashi ezokuba seGoli iya eConstitutional Hill, nathe nakhona kulesi sifundazwe izokuba khona.

Uphinde waveza ukuthi uMengameli Cyril  Ramaphosa uzobe eseKZN njengoba i-ANC izokube igubha usuku eyazalwa ngayo okungu January 8, igubha u114 weminyaka, wathi ulindele izinkumbi zabantu e-Overport.

I-ANC ibhekene nesimo esinzima lapho ilahlekelwa khona abalandeli. Le Legotla izophela kusasa.