I-ANC IVIMBE ABEZINDABA UKUTHI BANGAYISAKAZI INKULUMO KARAMAPHOSA YOKUVALA UMHLANGANO WE NEC


I-ANC seyithathe isinqumo sokuthi abezindaba bangabi yingxenye yenkulumo kaMengameli we-ANC, uCyril Ramaphosa yokuvala inkomfa ye-National Executive Committee ye-ANC ebanjelwe eBoksburg eGoli.
Lokhu kuyinto engajwayelekile, abanye baveze ukuthi iyaqala ukwenzeka. Umholi we-EFF uJulius Malema uke waveza ukuthi kwi ANC phambilini bekuyaye kube nesimo lapho umengameli uma evala inkomfa ye ANCNEC asho nalokho okungavunyelananga ngakho.