I-ANC INXUSE UBUMBANO KUMAKHANSELA


Ubuholi be-ANC esifundeni iTheku bunxuse amakhansela enhlangano ukuba abumbane angavumeli isitha siwahlukanise.
Amakhansela e-ANC kulesi sifunda esikhulukazi abe nomhlangano ngoLwesithathu. 
Kulo mhlangano kubonakele umoya wokusebenzisana nokuzimisela. 
Amakhansela aphinde akhunjuzwa ngomsebenzi athunywe wona emphakathini nokuthi kusho ukuthini ukuba ngumholi womphakathi. 
Umxhumanisi we- ANC eThekwini uSimiso Mkhize utshele amakhansela ukuthi kumele abumbane ukuze inhlangano iqine. 
UMkhize uthe uma lenhlangano ingabumbene iba buthaka kungene nezitha kalula. 
"Aniwona  nje amakhansela  kodwa niyizithunywa ze-ANC emkhandlwini. Abantu basithembile ukuthi sibahole kahle, ngakho zonke izenzo zethu kufanele zibonakalise inhlonipho, ubunye nokusebenza ngokuzimisela. 


Abantu bethu kumele babone i-ANC ihamba nabo nsuku zonke.”  
Amakhansela aphinde akhunjuzwa ngokuziphatha kahle. 
Atshelwe ukuthi kufanele angahambeli kude nomphakathi ngoba lokho kulimaza amathuba enhlangano ezinkethweni ezilandelayo.