I-ANC ICHITHA UMBONO WESILO


Sizwe Blose 

I-ANC iyaziqhelelanisa kwinkulumo eyenziwe ongangezwe lakhe, iSilo uMisuzulu kaZwelithini.

Ikhuluma emkhosini waseSandlwana, Indlulamithi yaveza ukuthi igama lesifundazwe kumele lishintshwe, kususwe uNatal kusale uKwazulu kuphela.

Isilo sakhala ngokuthi loNatal uyazona izinto, abantu kumele bazi ukuthi iKwaZulu la, hhayi indaba kaNatal.

Esithangamini sabezindaba namhlanje i-ANC iveze ukuthi igama alivele lishintshwe. "Savumelana ngaleli gama, akekho umuntu ongavele alishintshe nje. Thina sisajabulile ngaleligama," kusho uMike Mabuyakhulu.

UMabuyakhulu uphinde waveza ukuthi i-ANC izokhetha ubuholi obusha besifundazwe ekupheleni kukaMarch. "Eyokuthi ngizongenela ukhetho angiyazi, lokhu kungamahemuhemu nje abantu abazithandela ukuhleba,"kubeka uMabuyakhulu.