I-AD HOC IBAMBE UFISHI OMKHULU OZOFAKAZA NAMHLANJE


Sizwe Blose 

Lugcine lugobile uphondo kuPaul O'Sullivan ongumphenyi ozimele njengoba kuzothi namhlanje ayovela phambi kwe-Ad Hoc Committee.

Leli komidi liphenya ngobugebengu obenzeka emaphoyiseni, okuningi okwavezwa uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi ngoJuly 6, 2025 phambi kwesithangami sabezindaba.

U-O'Sullivan uke waba nemibandela ngokuza phambi kwaleli komidi. Eveza nokuthi ufuna ukukhuluma namanye amaqembu kodwa angakhulumi namanye.

Kuzokhumbuleka futhi ukuthi uke wakhala nangezokuphepha.
Namhlanje amehlo azobe ethe njo kwi Ad hoc, njengoba kulindeleke ukuthi avvele phambi kwayo.