EZIMNANDI KUMAZWE ASE-AFRIKA



UMENGAMELI weCAF, uPatrice Motsepe,  usememezele ngokusemthethweni ukukhuphuka komklomelo womqhudelwano i-African Cup of Nations(AFCON).

Lokhu kusho ukuthi izwe elizonqoba lo mqhudelwano eMorocco lizothola imali engu-10 million USD (R167 million). Phambilini bekuhlonyulwa imali engango-R7 million (R117 million) kwi-AFCON.

 Imidlalo ye-AFCON 2025, kulindeleke ukuthi iqale kusasa ngomdlalo ophakathi kweMorocco esingethe le midlalo neCoromos, ePrince Moulay Abdellah Stadium, Rabat ngehora lesi 21h00 ebusuku, kanti kuzobe kuyihora lesi 22h00 ngesikhathi sakuleli.

I-AFCON elandelayo izosingathwa amazwe amathathu, okubalwa iKenya. Tanzania ne-Uganda ngonyaka ka-2027.


UMotsepe uphinde wamemezela ukuthi i-AFCON isizodlalwa njalo ngemuva kweminyaka emine kusukela ngonyaka ka-2028.

Lokhu kuchaza ukuthi, i-AFCON izodlwa ngo-2028, 2032, 2036, 2040 kuya phambili.