EZIMNANDI KUBATHANDI BE-BAY


LINDOKUHLE NGCOBO 

IQEMBU iRichards Bay FC limemezele ngokusemthethweni namuhla ukuthi iPSL isiphasise inkundla uMhlathuze Stadium, eRichards Bay ukuthi isingakwazi ukusingatha imidlalo yeBetway Premiership.

Lokhu kusho ukuthi leli qembu lizowudlalela kule nkundla umdlalo walo wasekhaya neTS Galaxy FC ozoba ngoLwesithathu mhlaka 17 September 2025. Amathikithi alo mdlalo atholakala eShoprite, Checkers naku Open tickets ngenani lika-R60. 

Lezi zindaba zizokwehla kamnandi kubalandeli beNatal Rich Boyz, ebebephoqeleka ukuyobuka iqembu labo eKing Zwelithini Stadium, eMlaza nasePrincess Magogo Stadium, kwaMashu uma lidlala imidlalo yasekhaya. Lokhu kudalwe ukuphazamiseka kwenkundla yeBay ngesikhathi kunemidlalo yeKZN Premier's Cup ngoJuly wakulo nyaka.