ESINYE ISIGAMEKO SOKUDUTSHULWA KWABANTU EKAPA
LINDOKUHLE NGCOBO
KUSHONE umuntu oyedwa, kwalimala abane ngesikhathi bedutshulwa endaweni yaseGrassy Park eKapa, ngempelasonto.
Ngokophenyo lwamaphoyisa, kuvele ukuthi kuqhamuke abesilisa abahlanu bavulela ngenhlamvu bebhekise kubagilwa.
Lokhu kuholele ekutheni kudubuleke umuntu oneminyaka engu-32 ubudala, oshone endaweni yesigameko. Kwathi abanye abagilwa abaphakathi kweminyaka engu-18 kuya kwengu-42 ubudala, baphuthunyiswa esibhedlela.
Okwamanje ayikaziwa imbangela yalasi sigameko futhi akekho osaboshiwe.
Lesi sigameko silandela esenzeke eSeawind, lapho kudutshulwe kwabulawa owesifane.