DONALD TRUMP VS CYRIL RAMAPHOSA
Isekude ukuphela impi ephakathi kweMelika neNingizimu Afrika.
Njengamanje uDonald Trump ongumengameli waleliya lizwe uthi ngeke ayimeme iNingizimu Afrika kwiG20 ngonyaka ozayo.
Njengoba iG20 kade isingethwe iNingizimu Afrika, kungeyokuqaka ezwenikazi i-Afrika. UTrump uvele wayiduba wathi ngeke alubhade olwakhe kuleli.
Ebeka isizathu sokuthi kubulawa abalimi abamhlophe, nokuyinto eyachazwa ukuthi ayikho futhi ayikaze ibe khona kodwa yena akaguquki kulokhu akholelwa kukona.
INingizimu Afrika ikuzame konke ukubonisa uTrump ukuthi ayikho lento yokubulawa kwabamhlophe, kwaze kwasuka umengameli Cyril Ramaphosa nethimba lakhe kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Ethola lezi zindaba uRamaphosa uvele wathi, cha kuyisulubezi ukuthi iMelika ithi ngeke iyimeme iSouth Afrika. Kodwa iSA iyilungu le G20, futhi kuncike kumalungu ukungayi kwayo.